Home > News > Awasizwe Ama-Drama Groups Emiphakathini
Awasizwe Ama-Drama Groups Emiphakathini
Last edited: October 29, 2010
Posted by Business and Arts South Africa
Awasizwe Ama-Drama Groups Emiphakathini
Singakhuluma kuze kushone ilanga ngodaba lokubaluleka kwentuthuko ye-drama emiphakathini kanye nasezikoleni – kodwa ngeke siye ndawo uma lemikhankaso iwela ezindlebeni ezingezwa. Futhi-ke kungagcina kufana nokuqamba amanga uma sima ezidlangaleni sithi sisebenzela ukuthuthukiswa kwe-drama kuma-communities nase-zikoleni kodwa engekho ama-actions abonakalayo futhi kungekho naminyakazo exhaswayo. Lapha emiphakathini yethu kunama-groups e-drama azibophezele ukuyenza futhi ayenzayo, amanye kade aqala amanye asanda kusungulwa. Iningi layo lisebenzela ezimweni ezingezinhle impela kodwa baphushwa ukuzinikela nothando lwento abayenzayo. Bayakholelwa kwabakwenzayo futhi babona ikusasa kulomkhakha. Bazimisele ngempumelelo kumnyama kubomvu! EMkhambathini ngavakashela i-group esebenzela esikhotheni! Yebo esikhotheni! Yacela indawo komunye wemizi yanikezwa, yabe seyenza ilima lentsha yahamba yayogawula izihlahla yasika utshani yavula inkundla yokwenzela ama-rehearsals. Lina libalele ubathola bekhona – baxakeka uma liduma kuphela! Ngafika ngimagange ngithi ngizoke ngibone ihholo abasebenzela kulo – ngahamba sawela umfula, ngahlaliswa phansi kwesihlahla ngaboniswa emihle imisebenzi ye-drama, ingoma nendlamu inanelwa amawa nezihosha. Ngabhema ngakholwa. Ngiphinde ngamenywa enye i-drama group esebenzela endaweni eyabe isasonto kodwa ibisingumhhume wemigulukudu. Lendawo seyihlanzwe yayinhle yaba i-drama rehearsal room! Njalo ntambama kanye nangama-weekends kugcwala lentsha kulendawo efuna futhi ezimisele ukuba oLeleti no Sello Maake-Ncube bakusasa. EMlazi ngivakashela intsha esebenzela endaweni okwabe kuyisitolo esasha ngezikhathi zeziâ€dubedube†– imisebenzi ye-drama ekhiqizwa yilentsha kulendawo iyamangalisa! Lezindawo seziwusizo emphakathini ngokugcina intsha ivikelekile ekudleni izidakamizwa noma ukuzibona isikhulelwa isencane. Kwa Mpukunyoni intsha yakhona ngayifica izivocavoca phansi kwesihlahla somganu esikhulukazi – ngasebenza nayo ngagcina sengikhohliwe ukuthi sisebenzela ehlathini. Okumangalisayo ukuthi yonke lentsha ayikaze ixhaswe nakancane futhi ayikaze isizwe ngezimali kodwa yonke seyineminyaka yenza lemisebenzi emihle kangaka phansi kwezimo ezimuncu kodwa ezingayidibikalisi nakancane. Ngokwami uma kuthiwa kunama-groups okufanele asizwe iwona kanye lawa asebenza ngokuzimisela irrespective ukuthi ayaxhaswa noma cha. Ngabe sengizidlinzela nje ngithi kudela owaziyo-ke ukuthi uma sithi sithuthukisa i-drama (theatre) kulesifundazwe sikwenza kuphi futhi kobani lokho. Uyabona ukuba ngempela kusetshenzwa ngokuyikho ngabe lentsha ayiyesweli nemali yokuzithuthukisa nokwenza ngconywana lezindawo esebenzela kuzo ngoba kunezinhlelo eziningi phela ezimiselwe ukubhekela lomkhakha (weshashalazi). Ngize ngizibone ngimenywe ilama-drama groups nje kungenxa yale-column yeShashalazi! Ngathola okukhulu ukujabula ukuthi kanti ama-articles engiwabhala kule-column enziwa ama-workshops iningi lama-group e-drama kulesifundazwe. Ngebhadi angikwazi ukuwavakashela wonke kodwa amaningi ayangifonela, abuze sichushisane.
Ngifuna ukusho ngingananazi ukuthi ngendlela ikhono elikhona ngayo kulama-drama groups ubukhona bawo akulethi nje ithemba lekusasa lalemboni yeshashalazi kodwa kwenza i-guarantee yokuthi lesifundazwe sisazoqhubeka nokukhiqiza abalingisi bezinga eliphezulu. Ukuba ngangiwu Father Christmas ngabe lama-groups ngiwagixabeza ngo R50 000 njalo ngonyaka ngoba ngiyazi ukuthi ayayazi into ayenzayo! Ngabe lama-groups ayasizwa ahanjiswe ko Grahamstown National Arts Festival ayobona futhi ahambele ama-seminars azowakhulisa ngolwazi! Ngabe lama-groups njalo ngenyanga avakashelwa ababhali, abaqondisi, o-producer kanye nabalingisi asebevelele beshashalazi bezowacobelela ngolwazi! Ngabe kuthi njalo uma kufike abalingisi nabaqondisi abaphezulu kulesifundazwe ngiqikelele ukuthi baboniswa lama-groups ukuze bawasize athuthuke – noma ngabe lokhu kusho ukuwabizela endaweni eyodwa wonke kwi-master class! Uyazi kelesifunda kufika oJohn Kani, Sello Maake, Duma Ndlovu, Jerry Mofokeng kufike abalingisi abaphezulu bamafilimu base Hollywood, bafike benze abakwenzayo bahambe bengazange baze bashiye nokuncane kolwazi kubalingisi balesifundazwe noma bahlanganiswe nje nabo! Kanti sithuthukisa liphi Ishashalazi uma kwenzeka kanjena? Ake ngime lapha ngingaze ngibe controversial!
Kodwa-ke iqiniso limile lesifundazwe sinekhono elimangalisayo kwezokulingisa elidinga ukuthuthukiswa ukuze likwazi ukusimama futhi nabalingisi bakwazi ukuziphilisa ngalo njangabasenzi bonke! Lokhu kudinga uxhaso lwangempela hhayi umdlalo! Yazi kungcono ukuthatha uR2million uwunike ama-groups angu-20 azoba ne-impact futhi ukwazi nokukhomba into oyenzile nebambekayo nongaba-proud ngayo – kunokuwucaza ka 200!
Izimemezelo:
• Asevuliwe ama-applications e Isigcawu Drama Festival ezoba ngokuphela kuka November Ekhaya Multi Arts Centre. Abawafunayo abashayele e: 031 504 6970 kungakavalwa! Sizolokhu sikhumbuzana bakwethu!
• Abe National Lottery Development Trust Fund bazobe bevakashele lesifundazwe bezochaza kabanzi ngendlela yokuthola uxhaso kubona! Bazoba se Empangeni (1November – Imbizo Conference Centre) nase Thekwini (3 November – City Hall) asiye ngobuningi bethu thina beshashalazi! Kubhaliswa ngokushayela e: 043 711 5000 ukubekisa indawo!
Edmund Mhlongo
(Sponsored by BASA)
Comments
Have something to say? Leave a comment below.